Creative Commons License Deed

GNU Lesser General Public License, I-Free Software Foundation

Ethi GNU Lesser General Public License yilayisensiye-Free Software. Njenganoma iyiphi ilayisensi ye-Free Software, ikunikeza lezi zinkululeko ezilandelayo ezine:

  1. Inkululeko yokusebenzisa lolu hlelo nganoma iyiphi injongo.
  2. Inkululeko yokuhlola ukuthi lolu hlelo lusebenza kanjani nokuluvumelanisa nezidingo zakho.
  3. Inkululeko yokuphinda usabalalise amakhophi ukuze usize umakhelwane wakho.
  4. Inkululeko yokuthuthukisa lolu hlelo futhi ukhiphele umphakathi lokho okuthuthukisile, ukuze wonke umphakathi uzuze.

Ungasebenzisa izinkululeko ezishiwo lapha kuphela uma uvumelana nemibandela yale layisensi. I-LGPL ihloselwe imitapo yezincwadi ye-software, hhayi izinhlelo ezisebenzisekayo. Imibandela eyinhloko yile:

  • Kumelwe ushicilele ngokucacile nangokufanele kwikhophi ngayinye esatshalalisiwe isaziso esifanele selungelo lobunikazi nesitatimende sesiqinisekiso futhi uzigcine ndawonye zonke izaziso ezibhekisela kule Layisensi nokungabi khona kwanoma isiphi isiqinisekiso; futhi unikeze noma imuphi omunye umamukeli woHlelo ikhophi yelayisensi elithi GNU Lesser General Public License kanye noHlelo. Noma ikuphi ukuhunyushwa kwelayisensi ethi GNU Lesser General Public License kumelwe kuhambisane nethi GNU Lesser General Public License.
  • Uma ushintsha ikhophi yakho noma amakhophi omtapo wezincwadi noma ingxenye yawo, ungase usabalalise umtapo wezincwadi owumphumela kuphela uma wenza kanjalo ngaphansi kweLayisensi Evamile Yomphakathi Engaphansi ye-GNU. Nokho, izinhlelo ezixhuma emtatsheni wezincwadi zingase zifakwe ilayisensi ngaphansi kwemibandela ekhethwe nguwe, uma nje umtapo wezincwadi ngokwawo ungase ushintshwe. Noma ikuphi ukuhunyushwa kweLayisensi Evamile Yomphakathi Engaphansi ye-GNU kumelwe kuhambisane neLayisensi Evamile Yomphakathi Engaphansi ye-GNU.
  • Uma ukopisha noma usabalalisa lolu hlelo, kumelwe uluphelezele ngamakhodi aphelele angafundwa umshini ahambisana nalo noma nesicelo esibhaliwe, esisebenza okungenani iminyaka emithathu, sokunikezwa amakhodi aphelele angafundwa umshini ahambisana nalo.

<%=[ccommons::istr $lang deed.permission]%>

Umshwana Wokuzikhipha Emthwalweni
Umshwana Wokuzikhipha Emthwalweni

IMvume ye-Commons ayiyona ilayisensi. Imane nje iyinto ewusizo ongabheka kuyo ukuze uqonde iKhodi Yomthetho (ilayisensi ephelele) — iwuhlelo olungafundwa umuntu lwamanye amagama ayo ayinhloko. Cabanga ngayo njengohlelo olunobungane kolusebenzisayo oluneKhodi Yomthetho ngaphansi. Le Mvume ngokwayo ayibalulekile ngokomthetho, futhi ekuqukethe akuvele kulayisensi yangempela.

ICreative Commons ayiyona ifemu yomthetho futhi ayinikeze izinsizakalo zomthetho. Ukusabalalisa, noma ukubonisa noma ukuxhuma kule Mvume ye-Commons akwakhi ubudlelwano bommeli nekhasimende lakhe.

Loku ukufingqwa okungafundwa umuntu kweKhodi Yomthetho (ephelele iLayisensi Evamile Yomphakathi Engaphansi ye-GNU). Ehunyushwe ngesiPutukezi nayo iyatholakala.